IZINHLOBO ZEZINKONDLO
Izinkondlo zinezinhlobo eziningi nezindikimba zazo,indikimba yilokho inkondlo ekhuluma ngakho noma uqondo jikelele wendaba. Nazi izinhlobo zezinkondlo;
1. ILIRIKHI
· Uhlobo lwenkondlo lapho imbongi yeneka khona imizwa yayo ngalokho ekucabangayo noma ekubonayo.
2. I-ELIJI
· Uhlobo lwenkondlo ekhuluma ngendikimba yokufa

3. EZENKOLO
· Yilokho imbongi yethula imiza yayo kodwa lapha indikimba ingeyokholo.

4. ISONETHI
· Uhlobo lwenkondlo olunemigqa eyishumi nane

5. ISATHAYA
· Yinkondlo eqondisa izigwegwe ngokugxeka nangokubhinqa