nhlanhla mlaba

 UKUBUNJWA KWANGAPHAKATHI

IZIFENQO

4.2.1 ISIFANISO

·         Siqhathanisa  izinto ezimbili ezingafani kepha ezinokuthile okuzenza zifane

·         Sisebenzisa isakhi sokuqhathanisa  njengalezi: -fan na; -ngamga; -okwe;;njll

Isibonelo: Le ngane ilunge njengengelosi

 

                                                     

4.2.2 Isingathekiso

·         Naso siyaqhathanisa kodwa sona asisebenzisi isakhi kepha sivele  sibize into ngenye.

Isibonelo: Lesi sigebengu sihlakaniphile siwuchakijana.

 

 

 

4.2.3 Isenzamuntu

·         Uhlobo lwesifengqo esenza into engaphili noma engeyona umuntu iphile

Isibonelo: Ukufa kwambamba ngezandla ezingenalo uzwelo

 

 

 

4.2.4 Uphawu

  •    Luyinto emele okuthile ngaphezu kwalokho yona eyikho
  • Uphawu lungaba umuntu, yinto ethile, yindawo noma isehlakalo esigcina simele okuthile

Isibonelo: Umuntu wesifazane ogqoke izingubo ezimnyama , Okuwuphawu lokuthi ushonelwe ngumyeni.

 

 

  

Make a Free Website with Yola.